Unyaka: ngo2002.
Indabuko: Karl Marx no-Frederick Engels, isiBophelezo Sebhlangano Yamakhomanisi, iNingizimu Afrika: Workers Organization for Socialist Action
(WOSA), 2002.
Le Nkathi: Marxists Internet Archive, ngo2013.
Ukuvela kwalomshicilelo wokuqala1 weSibophezelo samaKhomanisi ngolimi lwesiZulu kusikhumbuza iqiniso lokuba emva kweBhayibheli lamaKrestu, lencwadi yokuqamba ubudlela-ndawonye bamazwe ngamazwe ngenye yezincwadi ezihumushwe ngezilimi eziningi futhi ecindezelwe (ngemishini yokuloba amabhuku) kabanzi . U-Eric Hobsbawn uthi ekuqaleni ukusakazwa kwemiqondo equkethwe kuleSibophezelo ngokusihumusha ngezilimi ezahlukene kwahamba kancane. Kodwa, ngemva ka-1868 futhi kakhulukazi, emva ka 1917, imihumusho yaba buninginingi futhi iza ngokushesha. Uhide lwalemihumusho cishe lingumlando wokwakhiwa kwezimboni kumazwe ngamazwe, okuhambisana nokuqhamuka kwesigaba sabasebenzi kumazwe ngamazwe elandelana. Okuqhamisayo, yikuba u-Hobsbawn akakhulumi ngemihumusho ngezilimi zase Afrika, nakuba sazi ukuba lesiBophezelo sahumushwa ngesiBhunu ngezinkathi zo-1930 futhi nokuba lomhumusho watshalwa kabanzi kubaholi bezinyonyani “zabamhlophe” ngesikhathi se-Union of South Africa. Lokushiya lemihumusho, mhlawumbe, kungenxa yokungazi. Noma kunjalo, kubonakalisa ukuba awukho omhumusho ngezilimu zase Afrika owakhethwa wabalulwa ngababhali bomlando, uma sicasisa ulimi lwase Afrika nxa sikhuluma ngezilimi ezibhaliwe, lolu ngulimi olwafinyelela esimeni saso sokulotshwa / sokucindezelwa (ngemishini yokuloba amabhuku) kulelizwekazi lase Afrika. Loku futhi kutshengisa ukuba imfundo yabaholi abaqhamukayo besigaba sabasebenzi ngesikhathi sobukholoni kanye nangemva kwalesikhathi e-Afrika beyethulwa ngezilimi zalezinkosi zamakholoni: njengesi-Fulentshi nesiNgisi.
Masibheka ngaleliso lomhumusho weqabane u-Ramadiro, uyindima emlandweni wesimanje walelizwekazi. Ubonisa esinye sezici saloku okuthiwa Ukuzalwa Kabusha kwe-Afrika (African Renaissance), lapha sisho ukusetshenziswa kwezilimi zase Afrika kuyonke imikhakha yempilo ebalulekile, kakhulukazi ukuba nazo zibe yizilimi ezilotshwayo/ ezicindezelwa (ngemishini yokuloba amabhuku). Loku kuyisibophezelo sethu ku-WOSA entandweni yeningi yesigaba sabasebenzi, siyagcizelela ukuba “intando yeningi” ingatholakala kuphela nxa bonke abantu banikezwa ithuba lokusebenzisa izilimi abazazi kangcono ukwenza imisebenzi yabo yamihla namalanga. Kuthina ukuvuselelwa kwe-Afrika akukona ubugagu esikusebenzisela ukuvala amehlo woquqaba. Sizibophezelele kumbono othi Yikuzalwa Kabusha kwe-Afrika ngendlela yobuldela-ndawonye kuphela okuzokwenza ukuba abantu balelizwekazi le-Afrika baphume kulomgodi wokuphela ithemba elishiywe kuwona nguxhaphazo ngendlela ye-imperialism neneo-colonialism, uxhaphazo olubashiye bemindawonye bebola. Ngokushicilela lesiBophezelo ngalesikhathi, ngakho-ke, ngaphandle kokungabaza sithi kusigaba sabasebenzi salelizwekazi lase-Afrika nakuleso samanye amazwe, kunokuba samukele ukuba isigaba sonxiwankulu sinqobile, thina sibuyela emithonjeni ukuze sivuselele inkolo kanye nentshisekelo yokuguqula ngokuphelele lomphakathi wonxiwankulu omusha futhi onesibindi lapho khona abampofu basundezelwa ezanzi esikalini sakho konke okuphilayo. Sikhumbuza isigaba sabasebenzi nabaholi baso ukuba indlela ukulandela indlela eyahlukile kuleyo yomphakathi lapho ubunxiwankulu bungasekho khona , eyahlukile kubudlela-ndawonye, yilena yenhlalo yezilwane emhlabeni wonke, inhlalo ompawu zayo esesiqala ukuzibona cishe kuwo wonke amazwe omhlaba.
Kuthina, nakuba kukuningi okungaqukethwe lapha, kulesiBophezelo Senhlangano Yamakhomanisi, nj engokuqanjwa kwaso ngabalobi baso, siyincwadi equkethe imibono ekhaliphile ngokoqobo, siyincwadi ephathelene ngokuphelele nalesimo esizithola kusona namhlanje. Lomphakathi U-Marx no-Engels ababelandisa ngawo ngo-1848 sewuyinto yangempela esabisayo emva kweminyaka engaphezudlwana kwa-1 50. Lobuhlakana obungavamile bemibono yabo, omsuka wako yimigomo yemfundiso ye-historical materialism abafinyelela kuyona ngokusebenza ngokubambisana iminyaka esihlanu, ngokungenela izinkulumo mpikiswano, kanye nangezehlakalo-ngezehlakalo zokuthintana phakathi kwabo nezinceku zombuso wamakhosi owawusuphelelwe yisikhahti kwelakubo e-Jalimane. Lomsebenzi otshengisa ukuba umphakathi unyakaza kanjani, usaqhubeka nokudida ngisho nabafundi abacwaningisisa ngokuphelele. Indikimba yalencwadi, yizinkathi zokukhiqiza ngendlela yobunxiwankulu, njengazonke izindlela zokukhiqiza zaphambili, ziguquguquka ngokuguquka komlando, lendikimba iphathelene ngokuphelele nalesikhathi samanje lapho ukukholeka kobudlela-ndawonye busengozini emva kokibhidlika kodwendwe le-Soviet.
Ukufunda kabusha lesiBophezelo sekuyindikimba ebaluleke kakhulu emvuselelweni ekuzalweni kabusha kwemicabango ka-Marx nabalandi bakhe. Lokwethemba ukuba konke okuhle kuzikwenzeka kwalamanguqulambuso okutholakala kuwonke lombahalo, makuhluthwa lengxenye yethemba ebeliliphupho, ithemba elifana nokulindela inguqula-mbuso yazikhathi zonke (eYuroBhu) , ngaphandle kwalamaphupho yilona themab amaqabane abambe iqhaza kumizabalazo yemiphakathi kanye namaguqula-buso okufanele azigcinele lona kulogwadule lomphakathi wanamuhla lapho khona “amaguqula-mbuso ayizolo” ahuba lengoma ekhwantabele ehutshwa ngokufanayo ngo-Thatcher, ngo- Blair, ngo-Reagan kanye no-Bush, ihubo elithi “ayikho enye indlela” (ngaphandle kobunxiwankulu). Kunalokhu, lesiBophezelo siyabonisa ukuba indlela eyahlukile ihlala ikhona futhi enye inhlelo yomphakathi izobangumphumela wezinyathelo zepolitiki ezithathwa yizigaba ezicindezelwe nezixhashazwayo. Kucacile ukuba kulesikhathi, isici esibi esibaluleke kakhulu kubasunguli bendlela eyahlukile, indlela yobudlela-ndawonye, ukusolakala kwabaholi bonguqulambuso. Kungalesizathu-ke ukuhumushwa kwalesiBophezelo ngezinye zezilimi ezinkulu e-Afrika kubaluleke kangaka. Ngoba, kungenxa yokufunda ngokuzimisela imibhalo ebalulekile yemicabango ka-Marx nabalandeli bakhe kanye neyenqunquthela yodudlela-ndawonye yamazwe ngamazwe jikelele njengengxenye yomzabalazo wezigaba ozozamazisa umhlaba wonke lapho khona abaholi abasha bazovela baqhubele phambili umzabalazo lakushiye khona isizukulwane esedlule - sizifumane siphoqelekili ukushiya / ukucabanga kabusha izinkolelo zaso. Akukho okungaqinisekisa lokhu ngcono kunokuba labaholi bavele esigabeni sabasebenzi nakwezinye izingxenye zabacindezelwe futhi nokuba leligugu lemicabango namasu ezindlela zokuhambisa ipolitiki litholakale ngazo zonke izilimi zabantu.
U-Marx no-Engels babedukile ngokubikamanqaki ukuba bekuseduze ukuphela kombuso wobunxiwankulu emhlabeni wonke. Kulokuduka kwabo balandelwa yizizukulwane ngezizukulwane zonguqula-mbuso bamadlelandawonye iminyaka engu-150. Namuhla, kusobala ukuba ukuqedwa kwenhlelo yobunxiwankulu kudinga ukuhlangana kwemizabalazo eminingi emphakathini ngamunye, kazwelonke, kanye neyamazwe ngamazwe, imizabalazo eqhubelwa phambili kaningi izinjongo nemibono eyahlukile nephikisanayo. Isigaba sabasebenzi sisodwa, ngezinkathi zika-2000, akusona esizogubhela ithuna lenhlelo yombuso osixhaphazayo, lombono ngaphandle kokungabaza abalobi balesiBophezelo bebazowuvuma njengento ephathelene namasu wezepolitiki. Kusobala futhi namuhla ukuba inguqula-mbuso yamadlela-ndawonye noma ukuguqula kwemiphakathi yethu ngokuphelele, kuyinqubeko eyakhiwayo akusona isambo / isidumo esenzeka kanye. Imizabalazo yezinhlangano ezilwela amalungelo wabesifazane, wabafundi, wabalimi abancane, ngisho naleyo mizabalazo esekele kwezenkolo, yonke imizabalazo ebhikiswe kulobuphangi obusha bama-liberali (fleo-liberalism) obufisa ukuthatha umhlaba wonke futhi ebhekiswe kuzo zonke iziqu zempatho embi yobunxiwankulu, yonke iyingxenye efanele yalengqubeko eyakhiwayo. Akunampikisano, ngakho-ke, ekuvuseni ithemba lokuhle lika-Marx no-Engels lenguqula-mbuso engaphakade, ithemba elithi kulezimo zesikhathi samanje ekuqaleni kwenkathi entsha emlandweni womhlaba lihambisana nobuhlakani bombono womunye wabafundi baka-Marx nabalandeli bakhe owacebisa ukuba kufanele sisizilungise / sizijwayeze kwezomqondo ukungathembi ukuba kuzokifa konke okuhle kodwa sibenenhliziyo ethemba ukuba kuzofika konke okuhle.
Thana lelibhukwana lingenise inkathi entsha yomzabalazo wenguqula-mbuso e-Ningizimu Afrika kanye nase-Afrika yonke yase-Ningizimu. Thana abasebenzi, abesilisa nabesifazane, abasebenzayo nabangasebenzi, intsha nabadala, kanye nohla lwezigidi ngezigidi zabacindezelwe nabaxhashazwayo bafunde futhi bazabalaze. Masixhumanise yonke imizabalazo yethu nabo bonke abantu kuwo wonke amagumbi e-Afrika futhi sihlanganyele nezigidi sesigidi sabaxhashazwayo nabacindezelwe kuwo wonke umhlaba ngolwazi oluphelele lokuba enye inhlelo yomhlaba / yempilo ingenzeka nokuba umphumela wokuhluleka ukwenza lokhu inhlalo yezilwane kanye nokubhujiswa kwako konke okuphilayo emhalabeni. Masikhumbule isikhuzelo senqunquthela yabasebenzi bamazwe onke:
Akukho esizokulahlekelwa ngaphandle kwamaketangu ethu, silindele ukuzuza konke emhlabeni!
Neville Alexander